Ikhansela yaboSosayensi bendalo yaseNingizimu Afrika iyavuma ukuthi abanye abantu abazange balithole ithuba lokufunda baze bafike ezingeni eliphakeme elidingwa ikhansela ebhalisa abantu abafundele umsebenzi othile. Kodwa-ke labobantu kutholakala ukuthi badlale indima ebalulekile kakhulu kumphakathi woSosayensi eminyakeni eminingi edlule kanti bangaqubeka benze njalo eminyakeni eminingi ezayo.
Ikhansela ithathe isinqumo sokuthi inikeze labo Bantu ithuba lokufaka isicelo sokubhalisela ukuba ngoSosayensi bendalo abawufundele lomsebenzi ngaphansi kwemigomo ethile.
Wonke umuntu ongenawo amaphepha omsebenzi avunyelwe noma aziwa yikhansela angasifaka isicelo.
bahlonishwe ngabasebenza nabo ngolwazi abanalo kulomsebenzi wabo abawukhethile kube nendima ethile abayidlalile kumphakathi waboSosayensi babe nolwazi oluyilona abalufundele olungekho ngaphansi kweminyaka eyishumi angezona izincamu ngaphambi kokuba bafake izicelo kulowomsebenzi abasifakela wona isicelo.
Isicwayiso: uma ngabe uke washiya lomsebenzi wakho owufundele eminyakeni eyishumi eyedlule, ungeke uvunyelwe ukubhalisa ngaphansi kwaloluhlelo.
Gcwalisa ifomu elisemthethweni lokubhalisa.
ubufakazi bokufunda akolishi nangaphandle kwekolishi - amakhophi ezitifiketi zokufundela umsebenzi agcotshwe isitembu samaphoyisa kuphinde kufuneke imininingwane eyafundwa ekolishi amarekhodi ajulile olwazi oluhambelana nalowomsebenzi owafundelwa ocela ukuthi ubhaliselwe wona uhlu lwamaphepha noma izincwadi owazibhala ubufakazi bokuba ilungu lezinhlangano zabantu abafundile njenge nhlagano yaboSosayensi bokudla yaseNingizimu Afrika , noma i nhlangano yamakhemikhali yaseNingizimu Afrika i ; inhlangano yezezwe nezalo zokumbiwa phansi yaseNingizimu Afrika i.
Amaripoti amathathu owabhalile noma lapho udlale indima ebalulekile ekuwabhaleni. Uma ngabe ungeke ukwazi ukuthumela amanye amaripoti ngoba kunezimfihlo ezithile, kuyodingeka ubufakazi bokuthi kubhalwe nguwena.
Ama-afidavithi aphuma kubantu ababili abakufakazelayo baphinde baqinisekise ukuthi lomsebenzi othi uyawazi ngepela kunjalo.
Ukubhalisa kungathatha amaviki angu 6 kuya ku 8 kuya ngokuthi amaphepha adingekayo aphelele yini.
Abantu ababili abakhethwe yikomidi elilulekayo lalowomsebenzi bazokuhlaba ngemibuzo ehambelana nesicelo sakho.
Umphumela wokuhlolwa kwakho uzokwaziswa emva komhlangano omkhulu wekhansela.
Imininingwane yeComputer yasebhange kanye nokufaka imali ngokuya ebhange: Sicela usebenzise amaletha okuqala amagama akho kanye nesibongo sakho ukuze ubonakalise inkokhelo yakho e-akhawuntini yethu ebhange ubese ufekisa ubufakazi bokukhokha nekhasi lokuqala lesicelo sakho ku 841 1057.
